Ilungelo lobunikazi, yilungelo lokuvikela umsebenzi wakho okungenzeka kube yimibhalo nezincwadi, izinhlelo zamakhompyutha , imisebenzi yobuciko, imetheriyali yokusakaza, umculo, amafilimu noma amavidiyo.
Ukuvikela kusho ukuvimbela abanye ekukopeni, noma ekukhiqizeni futhi lowo msebenzi noma imetheriyali, kanye nokuyisebenzisa ukuqhubela phambili inzuzo yabo kwezezimali. Umthetho wezamalungelo obunikazi i-Copyright Act, 1978, ubeka ilungelo lobunikazi.
Uma unombono owuqalile , ngeke wakwazi ukuba nelungelo kuwo Kumele uqale ufake lowo mbono ngendlela ebambekayo efana nebhuku , ikhadi, i-CD, isithombe esipendiwe , umdlalo odlala kwisikrini noma ifilimu.
Ivamisa yabantu ababhalile, abaprintile, abashicilele, abadlale oshashalazini abenze umfanekiso obaziwe noma obunjiwe , abapendile, abenze ifilimu noma abarekhode umsebenzi, yibona abavele babenelungelo lobunikazi kulowo msebenzi. Kodwa-ke ngezinye izikhathi, lapho umuntu ebenikezwe ubuthunywa balowo msebenzi nakhona bekhokhelwe ukwenza leyo ngxenye yomsebenzi, ilungelo ngelomqashi obathumele ukwenza lowo msebenzi.
Kwimisebenzi eminingi asikho isidingo sokwenza isicelo selungelo lobunikazi.
Ukuba ne-copyright kunikeza ilungelo "lobunikazi" kuleyo metheriyali kanye nolawulo lokusetshenziswa kwayo ngenhloso yokuzuza izimali. Uphawu lwe-copyright oluvamise ukubonwa kakhulu yilolu olunjena: ©.
Ngemuva kwesikhathi sezinyanga eziyisithupha, kwenziwa uhlolo losiko , ebese kunikezwa ilungelo lobunikazi ngenyanga yesikhombisa.
